ULarsen wenelisekile ngeCeltic

2012-12-05 14:02

Johannesburg - Umqeqeshi weBloemfontein Celtic uClinton Larsen uthi ujabule ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi lidlala ngokulingana ngo 1-1 neSuperSport United kowePremiereship eLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville ngoLwesibili ebusuku.

"Abadlali bami bakuphindile lokho, badlale ngokuzimisela. Asiyekenga ukuzama. Asidlalanga kahle kakhulu besibhekene neqembu elidlalayo,” kusho uLarsen ngoLwesithathu.

ICeltic iye kulo mdlalo iphuma kulowo eshaye kuwo iMamelodi Sundowns ngo 1-0 kowamanqamu eTelkom Knockout obungoMgqibelo.

"Sibe nezinsuku ezimbili kuphela zokuphumula. Kubonakele lokho esiwombeni sokuqala: bezingavumi kahle izinyawo kubadlali.”

Umdlali we-United u-Ashley Hartog ufake igoli lakhe lokuqala kule sizini, ngaphambi kokuba ukapteni uThabo September alivalele ngakubo igoli.

Bekuwumdlalo ka-11 kule sizini aMatsatsantsa ewudlala uphele ngokulingana, kanti iCeltic yona bekungowesibili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Imenenja ichitha okushiwo ngo-Igesund

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...