UKhune uwulungele oweBafana
2012-11-14 14:00
Johannesburg - U-Itumeleng Khune useluleme ekulimaleni akuthole ngempelasonto, kanti umagange ukudlala koweNelson Mandela Challenge iBafana isitholana phezulu neZambia.
Lesi sihlabani seBafana Bafana sathola ukulimala ngesikhathi iKaizer Chiefs ishaya iSuperSport United ngo-2-1, kodwa yena uthi akukubi kakhulu, kubika iKickOff.com.
"Akukubi kangako, ukuthi nje kwakubuhlungu. Ngikhona ukuba ngingakhethwa eqenjini," kusho Khune ku-kaizerchiefs.com.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uthi iBafana ayiwuthathi neze kancane umdlalo wabo neChipolopolo, okungowokuhlonipha lowo owaba ngumengameli wokuqala wentando yabantu kuleli lizwe uNelson Mandela futhi ungowokuzilungiselela i-Africa Cup of Nations.
"Kubalulekile ukuba senze okusemandleni ethu ukushaya iZambia. Lo mdlalo akusiwo nje owesihle kodwa ungumdlalo omkhulu phakathi walamazwe womabili ayizinkunzi zasemazweni aseningizimu ye-Afrika.
"Lo mdlalo uphinde ube yingxenye yokuzilungiselela imidlalo ye-Africa Cup of Nations ezoba seNingizimu Afrika ngo-2013. Okubaluleke kakhulu ukuthi lo mdlalo owokuhlonipha indoda eyiqhawe, uTata."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24