UKhenyeza ubuyela ku-Ajax
2013-01-16 07:28
Johannesburg - UMabhuti Khenyeza kulindeleke ukuthi ayishiye iSuperSport United abuyele ku-Ajax Cape Town, kuthi uBradley Grobler aphambane naye, ngokusho kombiko.
Imithombo yeKickOff.com ithi ibone uKhenyeza eseThekwini kamuva nje, kodwa umqeqeshi waMatsatsantsa uGavin Hunt ukhulume ohlelweni luka-Urdo Carelse kuTalk Radio 702: "Kusekuningi okumele sikulungise mayelana nalokhu.
"Sonke siyazi ukuthi uMabhuti kumele engabe usefake amagoli amaningi manje. Ubengajabule ukuba nathi ngesizathu esaziwa nguye kanti noBradley ubengenzi kahle eKapa."
Kuthiwa uMabhuti ubengaziphethe kahle kuSuperSport yingakho ebengabonakali njalo enkundleni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24