UKeshi uthi uyivivele iMali 'engazwile'

2013-02-06 07:32

Johannesburg - INigeria ithi ayinawo ngisho nowodwa umcabango wokuthi lizowushubisa kanjani umdlalo iqembu laseMali uma sebehlangene nalo kowama-semifinal e-Afcon ngoLwesithathu, kubika iKickOff.com.

Ama-Super Eagles azotholana phezulu neMali, kanti umqeqeshi uStephen Keshi nokaputeni uJoseph Yobo bathi bazimisele ngokubhukula.

"Ngeke kube umdlalo olula, iMali idlala kahle kakhulu," kusho uYobo.

UKeshi, noseke waqeqesha iMali iminyaka emibili, uthi leli qembu lifanelwe ukuba la likhona ngenxa yokusebenza kanzima.

Ngemuva kokuguqisa iCote d'Ivoire, nebithwelwe ngeqoma kule midlalo, uYobo uthi bagcwele ukuzethemba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

- Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...