UKamwendo ubheke ukubuyela kuPSL

2012-12-27 10:39
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Owayengumdlali we-Orlando Pirates uJosephy Kamwendo ubheke ukubuyela kuPSL ngoJanuwari.

Lo mdlali waseMalawi ukwelakubo eqenjini leMTL Wanderers, okuyiqembu aqala kulona ukudlala ibhola ngaphambi kokuka alibhekise eDenmark eseyodlalela iNordsjaelland ngo-2005.

Ekhuluma neKickOff.com eseBlantyre, uKamwendo ukuqinisekisile ukuthi kunamaqembu aseke axhumana anawo eNingizimu Afrika.

“Kunabantu abathatha inombolo yami yocingo ngemuva komdlalo wethu neBafana Bafana bathembisa ngokungibiza ngoJanuwari,” kusho uKamwendo, owafakela izwe lakhe igoli lokubika ngesikhathi beshaywa yiBafana ngo 3-1.

“INingizimu Afrika iyikhaya lami lesibili futhi ngikulungele ukubuyela khona uma ithuba livela. Ngaba nezinkinga ezangiphoqelela ukuba ngibuyele eMalawi, kodwa manje sengikulungele ukubuyela eNingizimu Afrika noma-Europe.”



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-23°C Passing showers. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-18°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 10-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...