UJosephs ubuyele kuBafana - Igesund

2012-08-03 14:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Unozinti we-Orlando Pirates uMoeneeb Josephs usekulungele ukugijima kuBafana Bafana emuva komhlangano abe nawo nomqeqeshi omusha uGordon Igesund, kumemezela iSA Football Association ngoLwesihlanu.

“Ngihlangane noMoeneeb Josephs mayelana nekusasa lakhe kuBafana Bafana nokumemezela kwakhe ukuthi useyashiya ekudlaleleni isizwe, nebengicabanga ukuthi kwaba yisinqumo esingaphusile," kusho u-Igesund esitatimendeni.

"Angizange ngiye komncenga ukuba abuyeke eqenjini lesizwe, kodwa bengiyolalela izizathu zokuyeka kwakhe.

“Ube esengivulela isifuba wanginekela izizathu zakhe engeke ngikwazi ukuzisho esidlangalaleni.

"Ube eseveza ukuthi usenalo uthando lokudlalela isizwe futhi uzokulwela ukuthola ijezi."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 3-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-15°C Sunny. Cool.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...