UHunt uthi ayimethusi iPirates

2012-08-17 14:11

Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthe abadlali bakhe abanayo nencane inkinga ekubhekaneni ne-Orlando Pirates, abazobhekana nayo kuze kube kathathu kulandelana, kubika iKockOff.com.

EzikaHunt zizobhekana nezikamaGebhula emlenzeni wokuqala wama-Semi Final eMTN8 azodlalelwa ePeter Mokaba Stadium ngeSonto, ngaphambi kokuthi kuhlanganwe kowe-Premier Soccer League ngoLwesithathu bese kuvalwa ngama-Semi Final esibili mhlaka-25 Agasti.

UHunt uvumile ukuthi kungase kube nzinyana ukubhekana neBhakabhaka, wathi nokho abanalo uvalo.

"Kuzoba nzima, sizodlala nabo imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha. Kunzima,” kusho umqeqeshi.

"Sizodlala umdlalo oya phambili, inhloso yethu wukuwina qha. Kuhlale kunzima khona ukudlala neqembu elifana nePirates, bayiqembu eliqine kakhulu.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 16-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...