UHunt ugxibha unompempe
2012-05-02 12:05
Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi iqembu lakhe “beliwuphethe umdlalo” ngesikhathi libhekene ne-Orlando Pirates, kodwa badliselwa ngunompempe, kubika iKickOff.com.
AmaBhakabhaka awine ngo 2-1 ngoLwesibili ebusuku, kodwa uHunt uthi abafana bakhe bekungafanele bashaywe.
Uthi ukuhlulwa kwabo kuyimisebenzi kanompempe uRobert Sithole, nokwakunguyena owayephethe umdlalo ngesikhathi ezakhe zibhekene nePirates okokuqala, nalapho ezikaKhoza zawina khona ngo 3-0.
“Bekufanele engabe sinikezwe ama-penalty amabili ngesiwombe sokuqala. Kuyamangaza okwenzeka emidlalweni kuleli," kuchaza uHunt ngokunengeka.
"UBenni McCarthy bekumele akhishwe ngesiwombe sokuqala, kodwa do."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24