UHunt ugxeka i-Orlando Pirates
2013-02-14 10:05
Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi lilodwa iqembu ebelidlala enkundleni yezemidlalo i-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ebusuku, wathi lelo qembu akubanga yi-Orlando Pirates, kubika iKickOff.com.
AmaBhakabhaka avalele laba linye phakathi, lishaywa ngu-Oupa Manyisa, kwaba ukunqoba kwawo lokho, nokubuyisele iqembu esicongweni sePremier Soccer League.
“Ngiphoxeke kakhulu ngoba besizitshellile ukuthi sizodlala, abadlali bePirates bebevale emuva belinde ukuthi silahle ibhola. Lokhu kungesinye sezizathu ezenza neqembu lesizwe lihluleke," kusho uHunt ngemuva komdlalo.
UHunt uthi bekungamele iPirates inikwe i-penalty.
“Bavele baphiwa nje i-penalty, ukube bekuyi-penalty ngempela, bekuzomele kuphume nekhadi elibomvu. Kuchaza ukuthi ngempela lokhu?"
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24