UHunt ugculisekile ngabafana bakhe
2012-08-20 14:01
Johannesburg - Nakuba ebebonakala ngokusobala ukuthi akagculisekile ngesinqumo sikanompempe sokukhipha umdlali wakhe ngekhadi elibomvu, umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt wanelisekile ngokuthi abadlali bakhe bakwazile ukubamba i-Orlando Pirates kowe-MTN8, emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu obungeSonto, kubika iKickOff.com.
I-United ibisidlala ingaphelele kulandela ukuthola ikhadi elibomvu kuka-Edwin Gyimah ngaphambi kwesiwombe sokuqala emdlalweni obusePeter Mokaba Stadium.
"Sidlale kahle, ngakho siyajabula, kodwa bekuwumdlalo onzima,” kusho uHunt.
"Kusanomlenze wesibili esisazowudlala, kanti siwubheke ngabomvu, angithandi ukwanda ngamaningi ngoba ngingazithola sengizifake enkingeni.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24