UGraeme Smith ufisele iBafana inhlanhla

2013-01-31 16:34
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi uGraeme Smith usefisele iBafana Bafana inhlanhla, njengoba izodlala neMali kowamaQuarterfinal e-Africa Cup of Nations, ngoMgqibelo, eThekwini.

"UBongani Khumalo nomqeqeshi uGordon Igesund kanye neqembu lonke, sifisa bazi ukuthi amaProteas ayabeseka," kusho uSmith ngaphambi kokuthi ezakhe zidlale oweTest nePakistan, ngoLwesihlanu.

USmith uzodlala umdlalo wakhe wekhulu engukaputeni weqembu lesizwe.

"Sizobe sibukela, siyathemba ukuthi umdlalo wethu sizosheshe sikwazi ukuwuqeda bese sihlala sibukele iBafana. Njengabo bonke abanye abantu baseNingizimu Afrika, sineBafana."

USmith uthi ukholwa wukuthi uKhumalo ukwazile ukumela izwe lakhe.

"UBongani ulisebenzela kahle izwe lakhe, inkulu ingcindezi ababhekene nayo. Iyajabulisa iBafana, yakwazi ukudlula esigabeni sokuqala ekubeni abantu babengayethembi," kuqhuba uSmith.







 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngeke abonakale uMusona

2014-04-23 14:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...