UGaxa uthembisa lukhulu
2013-01-31 07:36
Durban - USiboniso Gaxa uthi angazizwa ehlonipheke kakhulu uma engase athole ithuba lokudlala uma iBafana Bafana isibhekene neMali kowama-quarterfinal eMoses Mabhida Stadium, kubika iKickOff.com.
IBafana izogadulisana naleli lizwe lasentshonalanga ne-Afrika ngaphandle kuka-Anele
Ngcongca, kulandela ukumiswa kwakhe ngemuva kokuthola amakhadi amabili aphuzi kule midlalo.
Kulindeleke ukuthi uGaxa angene kulesi sikhala, kanti uqinisekise abalandeli ukuthi uyilindele inselelo.
"Kumele sihlale sicabanga ngokuzethemba,” kusho lo mdlali weKaizer Chiefs.
“Akekho onendawo yakhe esikwatini, kepha wonke umuntu uyadinga ukuthola ithuba lokuzibonakalisa.
“Kungaba kuhle ukuthi ngimele izwe lami ngisekhaya."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24