UFurman uncome abantu baseThekwini
2013-01-24 16:28
Durban - Umdlali wasesiswini weBafana Bafana uDean Furman, usencome abantu baseThekwini wathi babe besandla ekutheni iqembu lesizwe linqobe umdlalo walo ne-Angola.
INingizimu Afrika inqobe umdlalo wayo ngo 2-0, ngemuva kokudlala izikhathi eziningi ingathokozisi.
Balinganiselwa ku-50 000 abantu abahambele lo mdlalo, obubanjelwe enkundleni yezemidlalo iMoses
Mabhida Stadium.
Abafana bakaGordon
Igesund, baphendule amatafula kulandela ukudlala ngokulingana neCape
Verde Islands, emdlalweni wokuvulela imidlalo ye-Africa Cup of Nations.
Amaqembu adlala kwaphela isikhathi kungekho oshaya igoli.
“Besizizwela egazini ukuthi abalandeli banathi, bayasethemba futhi bayaseseka. Kusigqugquzele kakhulu lokho."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).