UDrogba uhamba namaSuper Eagles

2013-02-05 10:02

Johannesburg - Ukaputeni we-Ivory Coast uDidier Drogba uthwale ngeqoma iqembu laseNigeria ngemuva kokuthi libaguqise ngo 2-1 kowama-quarterfinal e-Africa Cup of Nations.

Ngokombiko we-website ye-football411.com, ama-Elephants abengaconsi phansi kwabaningi ekutheni yiwona azodla umhlanganiso kulo mqhudelwano ngemuva kokwemukwa lesi sicoco yiZambia ngonyaka odlule kowamanqamu.

Womabili la maqembu atshengise okukhulu ukuzimisela ngesikhathi etholene phezulu eRoyal Bafokeng Stadium.

"Ngichazeke kakhulu indlela ama-Super Eagles adlale ngayo. Kungubufakazi bokuthi kuyakhokhela ukuzimisela nokuzilolonga ngendlela efanele," kusho uDrogba.

"Angiliboni iqembu elingamelana neNigeria kulo mqhudelwano. Leli qembu lilokhu liqhubekile nokudlala kahle."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...