UDe Sa uvuma ingcindezi yowomkhaya

2012-12-06 12:02

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa uyavuma ukuthi umdlalo wabo womkhaya ozoba ngempelasonto ubusemiqondweni yabo emdlalweni wangoLwesithathu ebusuku abawudlale ngokulingana ngo 0-0 neChippa United.

AmaBhakabhaka awadlalanga neze kahle e-Athlone Stadium, njengoba ehlulekile ukwakha amathuba amaningi, nokuholele ekutheni asalele ngemuva ngamaphuzu amathathu ezimbangini iKaizer Chiefs.

UDe Sa uyavuma ukuthi kungenzeka ukuba umdlalo abazowudlala naMakhosi eSoccer City uphazamise abadlali bakhe.

"Besiwucabanga kakhulu umdlalo womkhaya,” kusho umqeqeshi.

"Ngonyaka odlule seza lapha sahlulwa ngo 3-0 sidlala neSantos ngaphambi komdlalo wethu neziMpofana.”

Uqhube wathi: "Kuningi okungasihambelanga kahle; senze izinguquko kodwa sangadlala kahle njengokujwayelekile. Kodwa ngiyayibongela iChippa … idlale ngokuzimisela yasithwalisa kanzima, okumele sizibuze khona ukuthi sinqobe iphuzu elilodwa noma siphunyukwe amaphuzu amabili?

“Uma ngibheka nje umdlalo wonke, ngicabanga ukuthi sikwazile ukunqoba iphuzu. Bekubalulekile ukuthi singahlulwa ngaphambi komdlalo womkhaya.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...