UDe Sa uthi awanele u 1-0

2013-02-21 12:01

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa uthi uncamela imidlalo yaskuhambeni, kunaleyo edlalelwa ekhaya, esho ngemuva kokuthi ezakhe ziguqise iPlatinum Stars ngo 1-0.

UDe Sa uthi amaqembu amaningi avala emuva uma edlala namaBhakhaniya, uthi ukunqoba ngo 1-0 akwanele, kusho umbiko weKickOff.

“Kumele senze kangconywana, akukuhle ukuthi sihlale sinqoba imidlalo ngegoli elilodwa. Angiyazi mina lento, angiyijwayele ngiyiqale la kuPirates, siwina ngencacamezelo,” kukhalaza uRDS.

UDe Sa uthi uma bengadlaleli ekhaya, umdlalo uma noshintsho olukhulu, uuthe: “Uma singadlali ekhaya abadlali bayahlakazeka bahlasele bangagcini ngokusivalela emapalini. Lokho kwenza sikwazi ukushaya amagoli amaningana kunoma sisekhaya."

Khonamanjalo umqeqeshi weStars uCavin Johnson usethulele iBhakabhaka isigqoko wathi iyiqembu elihamba phambili kunawo wonke amanye eNingizimu Afrika.

“Anginakuthini ngithini, i-Orlando Pirates izihambela yodwa eNingizimu Afrika, futhi ilona kuphela iqembu elisakwaze ukusephuca amaphuzu ayisithupha kule sizini."

IPirates idlale neStars enkundleni yezemidlalo i-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Rain late. Afternoon clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...