UDe Sa uncome uMyeni

2012-11-12 12:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - URoger de Sa ukholelwa ukuthi uSifiso Myeni angakwazi ukubamba iqhaza elibaluleke kakhulu kunalelo alidlalayo okwamanje eqenjini i-Orlando Pirates njengoba ebonakalisa ukuzethemba okukhulu, kubika iKickOff.com.

UDe Sa – owabanesandla ekwakheni igama likaMyeni ebholeni eliphezulu ngesikhathi emdlalisa kuBidvest Wits ngo-2008 – ubheme wakholwa ngesikhathi lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala eshaya igoli elihle elinqobise ezakhe ngesikhathi zibhekene neFree State Stars.

"Bengihlale ngikholelwa ukuthi uSifiso akayena umdlali odlala kahle ngokuphelele kule ndawo ayidlaalayo njengoba ngimazi kahle kakhulu kusukela ngisamqeqesha kuWits. Kodwa manje usedlala ngokukhulu ukuzethemba ngemuva kwabagadli.

"Okwamanje wenza iqembu lidlale kahle futhi ngikholelwa ukuthi usangenza okukhulu khona eqenjini," kusho uDe Sa.

Ephawula ngegoli elihle elivalelwe yilo mdlali, uDe Sa uthi yilokhu ayevele edume ngakho esangukapteni weWits.

"Akayena umdlali ungakwazi ukushaya amagoli amaningi kodwa uma eshaya igoli ushaya into yamehlo," kusho uDe Sa.

Ukudlala kahle kukaMyeni kuPirates sekwenze wabizelwa eqenjini leBafana Bafana.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...