UDe Sa ukhala ngokumiswa kukaMyeni

2012-12-04 10:04

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa ukhathazekile ngokungabi khona kukaSifiso Myeni uma ezakhe sezitholana phezulu neChippa United e-Athlone Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlali weBafana Bafana ngeke abe yingxenye yalo mdlalo kulandela ukumiswa umdlalo owodwa kanjalo nomgadli ohamba phambili uSiyabonga Sangweni.

Ekhuluma neKickOff.com, uDe Sa uyavuma ukuthi kuzoba nzima ngaphandle kwalaba badlali, nabadlale indima enkulu ekunciphiseni igebe phakathi kwePirates neKaizer Chiefs.

“Sizoba khona impela isikhala sikaMyeni noSangweni. Bobabili bangabadlali abanohlonze, nababaluleke kakhulu eqenjini," kuqhuba uDe Sa.

“UMyeni ulokhu eqhubekile nokudlala kahle kanti njengomqeqeshi ngiyathanda ukubona abadlali abenza kahle bedlala kule midlalo ebalulekile. Kodwa akukho esingakwenza njengoba bemisiwe."

AmaBhakabhaka angase ajikijele umgadli uBenni McCarthy enkundleni – noseluleme ngokugcwele kulandela ukulimala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...