UDe Sa ufuna oweCAF udlalelwe e-Orlando
2013-01-17 12:02
Johannesburg - Kulandela ukuthelwa ngehlazo lika 3-1 yiRecreativo do Libolo ePort Elizabeth nyakenye, umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa ufuna le midlalo yeCAF Champions League bayidlalele e-Orlando Stadium kule sizini.
AmaBhakabhaka azodlala neqembu laseComoros iDjabal FC emzuliswaneni wokuqala weChampions League
esikhathini esingangenyanga, kodwa ayikakhishwa inkundla ekuzodlalelwa kuyo.
Lo mdlalo uzodlalwa ngempelasonto kaFebhuwari 16 kuya ku-17.
"Asikazi okwamanje ukuthi lo mdlalo uzoba kuphi," kusho uDe Sa etshela iSowetan.
"Vele kuzomele sihloniphe izinqumo ezenziwayo ngokuthi imidlalo izodlalelwa kuphi, kodwa kungaba kuhle kakhulu ukuthi sidlalele ekhaya."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24