UBobby ubuyele enkantolo
2012-12-03 12:02
Johannesburg - Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eNelspruit ngoMsombuluko njengoba kulindeleke ukuba kuphume ilanga lokuqulwa kwecala lokukhwabanisa elithweswe yena nabanye asolwa nabo.
UBobby waboshwa ngo-Agasti kulo nyaka ngezinsolo zokuthola ithenda ngomgunyathi ngesikhathi kwakhiwa inkundla yebhola iMbombela Stadium yesamba sika-R1billion ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ka-2010.
UMotaung ungaphandle ngebheyili ka-R50 000 kanye nalabo asolwa nabo, okunguHerbert Theledi noChris Grib.
Lowo owabe eyimenenja kaMasipala waseMbombela uJacob Dladla noTebogo Khubeka – owayeyi-technical manager Ehlanzeni District Municipality – nabo basolwa ngokuba nesandla kulo mkhonyovu.
IMantshi uNaomi Engelbrecht kulindeleke ukuba akhiphe ilanga lokuqulwa kwecala kulandela ukuba abashushisi boMbuso becele ukuba icala lihlehliswe ukuze bonke abasolwa bavele ngosuku olulodwa enkantolo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24