UBlatter uyakuthanda ukukhuluma - Umqeqeshi

2014-10-29 16:02

Madrid - Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti usegxeke umengameli we-FIFA uSepp Blatter njengoba efuna umdlali wakhe uCristiano Ronaldo anqobe umklomelo weBallon d'Or ngoJanuwari.

URonaldo usohlwini lwabangu-23 olumenyezelwe ngoLwesibili lwabangase babasethubeni lokuthola lo mklomelo.

UBlatter ngasekuqaleni kwesonto uthe unozinti waseGerman uManuel Neuer kwakumele kube nguyena onqoba umklomelo wokuba ngumdlali ovelele kweyeNdebe yoMhlaba esikhundleni sikaMessi – nokuyinto u-Ancelotti ayibona njengezo ezokwenza abantu bavotele lo nozinti koweBallon d'Or.

Funda nalolu daba: I-FIFA inike iNigeria ithuba lokugcina.

Kanti lo mqeqeshi owake wapheka i-AC Milan neChelsea uthi ukuqhulula amagoli kukaRonaldo eqenjini leMadrid koweChampions League kwenza kube nguyena okumele aklonyeliswe ngoweBallon d'Or.

"Zihlale zingimangaza izinto ezenzayo, kodwa yini esingayenza? Kunzima ukumvala umlomo umengameli we-FIFA,” kusho lo mqeqeshi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...