UBlatter uthi akuvunyelwe abesifazane ezinkundleni

2015-03-06 16:01

Washington - Umengameli weFifa uSepp Blatter usenxuse i-Iran ukuba ihoxise umthetho ovimbela abesifazane ukuba baye ezinkundleni zebhola bayobuka elikanobhutshuzwayo, wathi lokhu okwenzekayo manje akwamukelekile.

"Ngesikhathi ngihambele e-Iran ngo-2013, ngamangazwa ukungavunyelwa kwabesifazane ezinkundleni ukuba bayobuka ibhola,” eloba ephaphabhukwini leFifa eliphuma masonto onke.

OLUNYE UDABA: UBlatter ukhala ngobandlululo enkundleni

"Ngabe sengiluphakamisa lolu daba ngesikhathi nginomhlangano neMengameli wase-Iran uHassan Rouhani, wathembisa ngokuthi bazolulungisa.

"Kepha kuze kube yimanje akukho shintsho olukhona njengoba abesifazane namanje bengalubhadi ezinkundleni.

"Akumele izinto ziqhubeke ngale ndlela ngakho ngiyanxusa izikhulu zase-Iran ukuba zivumele abesifazane bangene ezinkundleni."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...