UBlatter uthembise ukubuyisa isithunzi seFIFA

2015-05-30 08:57

Zurich – UMengameli weFIFA uSepp Blatter uthembise ukubuyisa isithunzi sale nhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo njengoba igubazelwe yifu elimnyama lenkohlakalo edla lubi ezikhulwini zayo.

Nakuba bekunabanye abebephakamisa ukuthi uBlatter oseneminyaka engu-79 ubudala ashenxe kulesi sikhundla, kodwa yena akugqizanga qakala obekushiwo njengobe ethembise ukuhlanza le nhlangano esematheni ngemuva kokuboshwa kwezikhulu zayo kuleli sonto. 

OLUNYE UDABA: IPSL iphinde yahlawulisa uPitso Mosimane

NgoLweishlanu uBlatter uphinde wathatha ihlandla lesihlanu ehola le nhlangano ngemuva kokuhoxa kwembangi yakhe uuPrince Ali Bin Hussein okhethweni lokukhetha ubuholi.

“Ngiyathembisa ukuthi ekupheleni kwehlandla lami ngidlulisela i-FIFA kozongena ngemuva kwami iqinile futhi ibumbene.

Kumeli ngibuyise isithunzi sayo ihlonipheke njengaphambilini.

Sizosebenza ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi iphupho lethi ngeFIFA liyafezeka,” esho ngokubika kweKickOff.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...