UBlatter ukhala ngobandlululo enkundleni

2013-01-15 14:07

London - Umengameli wenhlangano yebhola emhlabeni uSepp Blatter, usexwayise abadlali bebhola wathi ukubalekela ukucwaswa ngokwebala akusiyo indlela ephusile yokulwa nalesi sihlava.

UBlatter usho kanjena kulandela ukuthi umdlali we-AC Milan uKevin-Prince Boateng kanye nozakwabo, baduba umdlalo ngesiwombe sokuqala, ngesikhathi omunye wezibukeli ekhombisa ukumcwasa ngokwebala, bedlala nePro Patria.

Abadlali abaningi abahlanganisa nomdlali wasemuva weManchester United uRio Ferdinand nomdlali we-Arsenal  uPatrick Vieira bancoma uBoateng ngomnyakazo wakhe eduba umdlalo,

UBlatter uthi ukholwa wukuthi abadlali kumele baqhubeke nomdlalo, phezu kwezimo abahlangana nazo.

"Kumele kwenziwe konke ukulwa nokucwasa ngokwebala enkundleni yezemidlalo," kusho uBlatter, ekhuluma nabezindaba zeSky Sports News.

"Sesizame kwaba kaningi ukulwa nokucwaswa ngokwebala kwabadlali. IGreat Britain iyisibonelo sokuthi kuyaliwa nalesi sihlava."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 11-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...