UBhengu uthengelwe 'amahhala'

2013-01-30 14:05

Cape Town - IChippa United yathenga uPhumelele Bhengu emasontweni amabili edlule enikezwa inkontileka yeminyaka emibili nesigamu, kodwa imibiko ithi lo kuthiwa akasadingeki eqenjini.

Lo mdlali owayedlalela u-Under 23 ingase isheshe iphele injabulo yakhe yokuthola iqembu njengoba etshelwe ukuthi "ngeke akwazi ukusiza" iqembu ekutheni livike imbazo.

“Ngaphandle kokudlala ngisho umdlalo owodwa, iChippa ithi izobolekisa ngaye ngoba ngeke akwazi ukusiza iqembu emizamweni yokubuyela efomini. Wake wawuzwaphi umsangano onjalo?" kusho umthombo utshela iKickOff.com.

Labo abamele uBhengu, iComplete Footballers, bazobamba umhlangano nalo mdlali mayelana nalolu daba..

Lowo okhulumela iChippa, uLukanyo Mzinzi, akatholakalanga ukuba aphawule.

Lokhu kwenzeka nje iqembu lisanda kuxosha umqeqeshi uFarouk Abrahams.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...