UBenni kumele azibonakalise

2012-12-20 07:56

Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafan uGordon Igesund ubelokhu egcizelele njalo ukuthi imiphumela yeqembu emidlalweni yesihle ayibalulekile, ngokusho kombiko weCape Argus.

Uthi usebenzisa le midlalo ukubona ukuthi yibaphi abadlali abanohlonze nokubacwecwela i-African Nations Cup, nezosingathwa yileli ngoJanuwari kuya kuFebhuwari 2013.

U-Igesund, nongomunye wabaqeqeshi bakuleli abahamba phambili, usenqobe isicoco sePSL izikhawu ezine - neManning Rangers, Orlando Pirates, Santos kanye neMamelodi Sundowns.

UBenni McCarthy usenokuhlaselwa ukulimala kulezi zinsuku, kanti-ke abaningi bakholelwa ekutheni kumele azikhandle ukuze kubonakale ukuthi ufanelwe yisikhala kuBafana.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Rain late. Afternoon clouds. Mild. PE: 15-20°C Rain showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...