UBaxter uzodlalisa ababuya kuBafana Bafana

2013-02-15 14:01

Johannesburg - Umlolongi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi uzoqhubeka nokusebenzisa abadlali bakhe abakade bemele iqembu lesizwe emidlalweni ye-2013 Africa Cup of Nations.

Ngemuva kokuthotshiswa kweChiefs isuswa esicongweni sePremier Soccer Leage, uBaxter uthi bazoguqula amatafula uma sebedlala neFree State Stars ngoMgqibelo eFNB Stadium.

Iqembu lehlele endaweni yesibili, kulandela ukudlala kwayo nokulingana neMamelodi Sundowns, ngoLwesibili, nobese kungokwesithathu iqembu lidlala ngokulingana kulandelana.

Umqeqeshi uthi wayemanqika ukudlalisa bonke abadlali abaphuma kuBafana emdlalweni wezakhe namaBrazilians, nokho uthi kulokhu bangase babonakale abaningi.

"IStars iyeza izodlala nathi, besidinga izinsukwana nje ukuthi sibuyele esimweni. Bazofika singangabo sibalindele," kusho uBaxter.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Angisilo nakancane ivaka - Gabuza

Emizuzwini eyi-30 edlule
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-13°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-11°C Sunny. Cool.
Dbn: 12-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-17°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...