UBaxter uthi wenelisekile ngephuzu
2013-02-13 08:07
Johannesburg - Yize ezakhe zibuye zilambatha ngasemagolini ngesikhathi zidlala neMamelodi Sundowns, umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthe wenelisekile ngemiphumela, kubika iKickOff.com.
AmaKhosi namaBrazilians bashiye izibukeli zidangele eLoftus Stadium ngoLwesibili ebusuku.
UBaxter uyavuma ukuthi uthe ukuphefumula ngesikhathi kungu 0-0 kuphela isiwombe sokuqala.
“Ngicabanga ukuthi kube ngumdlalo omnandi,” kusho uBaxter. “Bengingenelisekile ngendlela esidlale ngayo kodwa-ke ngicabanga ukuthi iSundowns ibingasinike thuba ngesiwombe sokuqala.
“Njengoba ngishilo nje, ngijabule ngokudlala kwezami, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24