UBaxter uncome ukuphikelela kweChiefs

2012-11-21 10:00

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ubegcwele izincomo zodwa ngabadlali bakhe ngokungadikibali kulandela ukuguqisa iMoroka Swallows ngo 3-2 eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku, kubika iKickOff.com.

AmaKhosi abelokhu ehamba phambili neSwallows isezithendeni zawo, kodwa igoli likaLehlohonolo Majoro yilona elihlukanise inhloko nesixhanti ngesikhathi esengeziwe.

Yize uBaxter ethi akagculisekile ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo, kodwa uyabancoma ngokungafuni ukudedela indawo yokuqala kuPremiership.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kakhle kakhulu esiwombeni sokuqala, bengicabanga ukuthi iSwallows ibuye isizimisele ukuthi izosithwalisa kanzima," kusho uBaxter.

“Yilapho-ke umqeqeshi weSwallows engancoma khona abadlali bakhe njengoba nami ngincoma abami ngokudlala ngokuzimisela."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Cool. Pta: 16-29°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 11-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 12-29°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...