UBaxter uncome ezakhe

2013-02-19 10:02

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi uzama ukugcina abadlali bakhe besesimweni esihle ngokuthi enze izinguquko, nakuba kunjalo uyakuvuma ukuthi bangenza kangcono, kubika iKickOff.com.

Ngesikhathi bebhekene neFree State Stars, uBaxter wenza izinguquko eqenjini elaqala umdlalo kulelo eladlala ngokulingana neMamelodi Sundowns.

USiyabonga Nkosi wathatha indawo kaJosta Dladla kwathi uKingston Nkhatha yena wathatha ekaLehlohonolo Majoro, kanti uLucky Baloyi noSthembiso Ngcobo nabo bakwazi ukuthola umdlalo.

“Indlela abadlali abenza ngayo eqenjini iyamangaza kanti kungalezo zizathu senza kahle kanje,” kusho uBaxter ku-website yeChiefs.

“Ngesikhathi sidlala neSundowns uJosta wayedlala esiswini kodwa ngoMgqibelo ebusuku wayehleli ngaphandle. Siphinde sabeka ngaphandle u‘Major’ [Majoro], owayedlala emidlalweni ye-Africa Cup of Nations, bekungakhona ukuthatha amashansi.

“Sifake uSthe [Ngcobo],  osehlale isikhathi eside engadlali kanti naye ukhombise ukuba nomundla wokudlala. "


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngiyazi uMashaba uyangeseka - Middendorp

Emizuzwini eyi-14 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...