U-VV wayengatholani kahle nabadlali - Bobby

2012-11-16 10:02

Johannesburg - Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung ukholelwa ekutheni uVladimir Vermezovic 'wayenganaso isandla nokuzwana nabadlali' nokungenzeka ukuthi yikho okwadala izinkinga ngesikhathi ephethe.

U‘VV’ waxoshwa ngesikhathi kuphela isizini edlule ngemuva kokuhluleka ukuholelal iqembu ekutheni liwine isicoco.

Ukuthatha izintambo kukaStuart Baxter sekuze nomehluko omkhulu impela njengoba amaKhosi ezihola zonke ohlwini lweligi ngemuva kwemidlalo eyishumi.

“Angifuni ukuthi uVladimir Vermezovic ungumqeqeshi ongenahlonze," kucashunwa u‘Bobsteak’ kuSowetan.

"Kodwa umsebenzi wokuqeqesha unzima futhi uyadida ngakho kubalulekile ukuthi kube khona ukuzwana phakathi komqeqeshi nabadlali."

IChiefs yasayina abadlali abaningi abasha, kodwa uMotaung uthi abadlali ababesebenza noVermezovic benza umsebenzi oncomekayo ngaphansi kukaBaxter.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...