U-Olomu uzama inhlanhla kuChippa

2012-11-16 07:49

Cape Town - Lowo owake wadlala esiswini kuBloemfontein Celtic uPrince Olomu usephinde wathushuka futhi lapho kuziqeqesha khona iChippa United ngethemba lokuhlabana nenkontileka, kubika iKickOff.com.

Lo ongowokudabuka eNigeria akanaqembu kusukela kuqale isizini ngemuva kokulaxazwa yiMaritzburg United.

Uke wayozama ukuthola isikhala ku-University Of Pretoria, kodwa kwangathela zithelo.

Isikhulu seChilli Boys, uChippa Mpengesi usedalule ukuthi bazothenga abadlali abasha uma sekuvulwe iwindi lokuthenga nokudayisa abadlali ngoJanuwari.

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-22°C Sunny. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-27°C Sunny. Warm. PE: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...