U-Igesund uwufanele lo msebenzi - Arendse
2013-02-06 08:12
Johannesburg - Yize uGordon Igesund ehlulekile ukufinyelelisa iqembu kuma-semifinal njengokomgomo, lowo owayeyingxenye yeqembu elawina i-Africa Cup of Nations, u-Andre Arendse, ukholelwa ekutheni lo mqeqeshi nguye ongahola kahle iBafana Bafana.
Ngokombiko we-football411, iqembu lesizwe libone iphupho le-AFCON 2013 lishabalala kowama-quarterfinal ngemuva kokuhlulwa ngama-penalty yiMali, kanti abanye bebelindele ukuthi iSAFA ixoshe umqeqeshi.
U-Arendse, uthi nokho ukuxoshwa kuka-Igesund bekuzoba yiphutha elikhulu.
"Abanye abantu bebephakamisa ukuthi njengoba iBafana ibidlalela ekhaya bekumele iwunqobe lo mqhudelwano, kodwa ngikholwa ukuthi lokho bekungukuzisikela kwelinonile.
"IBafana itshengise okukhulu ukuzimisela kanti uma iqhubeka ingase ivune izithelo ezinhle. Umqeqeshi wenza umsebenzi oncomekayo."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24