Lesi yisikwata samaphupho - Igesund
2012-12-31 07:38
Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund uthi ukholwa
wukuthi bazothokozisa isizwe abadlali abangu-23 abaqokele imidlalo ye-Africa
Cup of Nations (AFCON), ezoqala ngoJanuwari.
"Lesi yisikwata samaphupho," kusho u-Igesund ngemuva kokumemezela
isikwata sakhe ngeSonto.
"Laba ngabadlali abahle kakhulu, bahlangene benjalo banginika namathuba
okushintsha shintsha umdlalo. Abadlali engibaqokile bangikhombisile ukuthi
bakulambele ukudlala. Nokho kumele ngisho ukuthi nalaba engibashiye ngaphandla
akubanga lula ukubashiya."
"Bayawazi umsebenzi abantu engibaqokile. Abadlali abangu-10 baneminyaka
engaphansi kwengu-25 ubudala, ngiqoke nabanye asebeke balidlalela iqembu
lesizwe."
Isikwata:
Emapalini: Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Senzo Meyiwa (Orlando Pirates), Wayne Sandilands (Mamelodi Sundowns)
Emuva:
Siboniso Gaxa (Kaizer Chiefs), Bongani Khumalo (captain, PAOK
Salonika), Tsepo Masilela (Kaizer Chiefs), Thabo Matlaba (Orlando
Pirates), Anele Ngcongca (Racing Genk), Thabo Nthethe (Bloemfontein
Celtic), Siyabonga Sangweni (Orlando Pirates)
Esiswini:
Lerato Chabangu (Moroka Swallows), Kagisho Dikgacoi (Crystal Palace),
Dean Furman (Oldham Athletic), Reneilwe Letsholonyane (Kaizer Chiefs),
May Mahlangu (Helsingborg), Oupa Manyisa (Orlando Pirates), Thuso Phala
(Platinum Stars), Thulani Serero (Ajax Amsterdam), Siphiwe Tshabalala
(Kaizer Chiefs)
Abagadli: Lehlohonolo Majoro (Kaizer
Chiefs), Katlego Mphela (Mamelodi Sundowns), Tokelo Rantie (Malmo FF),
Bernard Parker (Kaizer Chiefs).
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24
kuTwitter (@IzindabaNews24).