U-Igesund uncome ukuzimisela kweBafana
2013-01-24 14:08
Durban - Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund uyavuma ukuthi ukugxekwa kweBafana Bafana kwakamuva bekunesidingo, wabe esencoma iqembu lakhe ngokwehlula i-Angola eThekwini ngoLwesithathu.
Amagoli angene ngesiwombe sokuqala nesesibili avalelwe uSiyabonga Sangweni noLehlohonolo Majoro asize iBafana ukuba inqobe ngo 2-0 eMoses Mabhida Stadium, lapho bekugcwele khona abalandeli abalinganiselwa ku-50 000 abaphume benconcoza.
Ngemuva kokudumaza, emdlalweni owaphela ngokulingana neCape Verde Islands eGoli ngempelasonto edlule, ukunqoba kube ukuziphendulela okuhle kubafana baka-Igesund njengoba sebekwazile ukuqhwakela ku-Group A.
"Angicabangi ukuthi ukugxekwa ebesikuthola bekungafanele,” u-Igesund usho kanje ngemuva komdlalo. Besehluleka ukufaka amagoli bekudingeka siphendule amatafula."
Igoli likaSangweni liqede amahora amahlanu iBafana ihluleka ukushaya amagoli: baphinde bahluleka ukuwashaya emidlalweni yobungani abayidlala neNorway ne-Algeria.
"Ngesikhathi efaka igoli lokuqala, ngijabule kakhulu, njengoba ngike ngasho phambilini, kuzoba nzima ukuba sihlulwe,” kusho u-Igesund.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA