Sohlale simbonga njalo uMandela - Doctor Khumalo

2013-08-15 14:02

Johannesburg - Kulindeleke ukuthi kuphume nesinedolo emgubhweni weNelson Mandela Sport and Culture Day, ozobanjwa ngoMgqibelo, mhlaka-17 Agasti.

Kuzokuba nomdlalo phakathi kweBafana Bafana neBurkina Faso, kube nophakathi kwamaBhokobhoko ne-Argentina, kubika iSoccerLaduma.

Konke loku kuzokwenzeka eFNB Stadium, nokuzobe kungukuqopheka komlando njengoba amaqembu engakaze adlale enkundleni eyodwa ngosuku olulodwa.

Umgubho uzodonsa usuku lonke kanti uzoqala ekuseni ngomdlalo we-Italy's Masters neSouth Africa's Legends, la kuzobonakala khona abadlali abafana noDoctor Khumalo, belitapeyta.

UKhumalo owadlala isikhathi eside kwiKaizer Chiefs, namanje ongumelekeleli womqeqeshi, uthi uyakujabulela ukuba yingxenye yemigubho yokubungaza uNelson Mandela.

UKhumalo ubhale kwi-website yeqembu wathi bazohlala ehhotela ababehleli kulo ngonyaka ka-1996, ngesikhathi beba ngoshampeni bemidlalo ye-Africa Cup of Nations,  uthe lokhu kukodwa kuvusa amaminithi.

"Ayikho enye indlela esingahlonipha ngayo uMadiba ngokuzinikela kwakhe, wayeseseka sagcina sikwazi ukudlala namazwe ahlonishwayo emhlabeni."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...