Sizoyishaya iNigeria - Ivory Coast

2013-02-01 16:20

Rustenburg - Isikhulu se-Ivory Coast uSabri Lamouchi uthi nakanjani bazowunqoba umdlalo wabo wangoMgqibelo, bese bedlulela kowamaSemifinal e-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ama-Elephants azobhekana neNigeria, enkundleni yezemidlalo eRoyal Bafokeng Stadium, ePhokeng, ngeSonto.

"Mayelana nelukuluku kubadlali, konke kuhamba ngendlela. Basemfuthweni, siyilindele iNigeria,” kusho uLamouchi ngoLwesihlanu.

"Sizodlala ngamandla ethu wonke, ubaluleke kakhulu lo mdlalo kithi.”

I-Ivory Coast ingezinye zezethenjwa kulo mqhudelwano, uLamouchi uthi abadlali bazoqinisekisa ukuthi indebe ibuyela entshonalanga ne-Afrika, okokuqala kusukela ngo-1992.

"Akukho mfihlo esinayo, ukudlala nje ngokuzimisela bese kuhamba nenhlanhla.”
 





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...