Sizoyishaya iMorocco - Clive Barker
2013-01-17 14:06
Johannesburg - Ngemuva kokudlala ngokulingana emdlalweni ongabanga namagoli phakathi kweBidvest Wits neMorocco, uClive Barker uthi nakanjani iBafana Bafana izoliguqisa leli qembu enalo kuGroup A.
UBarker, nowaholela iNingizimu Afrika ekunqobeni i-Africa Cup of
Nations ngo-1996, uthe uchazekile ngokudlala kwe-Atlas Lions,
kodwa ngeke leli qembu lilibone elidlalayo kuBafana.
IBafana izogadulisana neMorocco eMoses Mabhida Stadium ngoJanuwari 27.
“IMorocco iyiqembu elinohlonze kakhulu,” kulandisa uBarker.
“Inabadlali abanohlonze nabakwaziyo ukuthwalisa abanye kanzima enkundleni, kodwa kwengikubonile ngingasho nje ukuthi iBafana ngiyayethemba."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24