Sizoyibhincisela nxanye iDowns - Chippa

2012-12-19 14:42

Cape Town - Umqeqeshi weChippa United uFarouk Abrahams uthi babheke ekujabhiseni iMamelodi Sundowns neyenza kahle ngaphansi kukaPitso Mosimane uma sebebhekene e-Athlone Stadium kusihlwa.

AmaBrazilians isiwine imidlalo emibili kwathi omunye yawudlala ngokulingana kusukela lowo owayengumqeqeshi weBafana Bafana athatha amatomu, kodwa u-Abrahams uthi iChilli Boys nayo idlala kahle ayizibekile phansi futhi ngeke isatshiswe ngamaqembu amakhulu.

“ISundowns izofika la izitshela ukuthi isiwathathile vele amaphuzu amathathu, sikubonile lokhu kubukelwa phansi emaqenjini amaningi," esho etshela iKickOff.com.

“Ngeke sibatotose, sizozilungiselela njengoba sisuke sidlala namanye amaqembu. Nathi siyabonakala emidlalweni manje ukuthi siyazimisela."

U-Abrahams ukholelwa ekutheni iChilli Boys ishoda ngomdlali ozofaka amagoli nje kuphela ukuze ibalekele izembe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...