Sizothi ukuqinisa isikwati - Baxter
2012-12-20 14:43
Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter useveze ukuthi leli qembu laseSoweto lizimisele ngokuqinisa iqembu uma sekuvulwe iwindi lokuthengwa nokudayiswa kwabadlali onyakeni omusha.
"Ngibheke ukuthenga kanti futhi ngizobe ngigade nemidlalo ye-Afcon," kusho uBaxter.
"Ngiyathemba ukuthi ngeke sibe khona isidingo sokuthi sithenge kakhulu, kodwa sidinga ukuqnisa amabhawodi esikwati kancane."
UBaxter uthe uzobe ekulinde ngamehlo abomvu ukubuya kwabadlali abanohlonze ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoJanuwari, njengoba ukulimala kwabadlali bakhe kungase kuphazamise igiya amaKhosi ahamba ngalo kuPremiership.
"Uma kwenzeka siba nebhadi lokulimala kwabadlali ku-Afcon, lokho kungase kusiphindisele emuva," kusho uBaxter, kulandela ukuthi ezakhe ziguqise aMaZulu ngo 2-0 ngoLwesibili ebusuku.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA