Sizoshintsha umdlalo wethu - Baxter

2013-02-15 10:00

Johannesburg -  Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi uyazi ukuthi izimbangi zizozama ukufunda umdlalo wabo, yingakho ezoshintsha ukwenza uma kuqhubeka imidlalo yeqembu.

EzikaBaxter zisuswe esicongweni sePremier Soccer League, okokuqala kusukela kuqale isizini, lokhu kuze ngemuva kokuthi iqembu lidlale ngokulingana emidlalweni emithathu kulandelana.

Umqeqeshi uveze konke lokhu ekhuluma nabezindaba zeKickOff.com, ebuzwa ukuthi uzokwenzenjani ukuzama ukubuyela phezulu kwi-log.

“Angisho ukuthi kumele siqinise indlela esidlala ngayo, kuphela kumele sishintshe umdlalo wethu ngoba abantu sebebonile ukuthi simandla kuphi. Abadlali bebengafuni ukudedela ibhola futhi bedlalela esiswini."

“Ngesikhathi sidlala nezikaSteve Komphela, washo wathi umdlalo wethu ububaqeda amandla bengakwazi nokuhlakazake badlale umdlalo wabo abawujwayele," kusho uBaxter.

Kuzomele sishintshe ukudlala kwethu, sinaso isipiliyoni kumele nje sishintshe ukwenza."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...