Sizoqhubeka nokubhukula - Mosimane

2013-02-21 14:02
Yabelani Shicilela

Pretoria - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane usexwayise iqembu lakhe ngokudembesela ngaphambi komdlalo weNedbank Cup neAjax Cape Town nozoba ngoLwesihlanu ebusuku.

Iqembu likaMosimane muva nje lenza kahle, njengoba emdlalweni walo neGolden Arrows ophele ngo 1-1 kube ngumdlalo weshumi leli qembu lingahlulwa kweyePremiership.

Lo mqeqeshi owayelolonga iBafana Bafana, emidlalweni eyisithupha kusukela athatha izintambo kuleli qembu ngoDisemba ngonyaka odlule, akayazi induku.

"Uma ungabuza noma ubani ukuthi basemathubeni yini okuthatha iNedbank Cup, ngicabanga ukuthi bonke bangathi basethubeni,” kusho uMosimane.

"Sizodlala ngenhloso yokunqoba. Ngeke wazi ukuthi kuzokwenzakalani, lo umdlalo wenkomishi kanti sonke siyazi ukuthi imidlalo yalolu hlobo ihluke kanjani.

"Ngakho kudingeka sihlasele. Sinabo abadlali, ngakho asidlale.”

Ama-Brazilians aqale unyaka omusha ngokudlala ngokulingana neKaizer Chiefs, ngaphambi kokuba ashaye iMaritzburg United ngo 3-0 ngesonto eledlule, kodwa uMosimane uthe ukudlala ngokulingana ne-Arrows, nakuba kungesiyo into abaziqhenya ngayo, kungenzeka ukuba kwaba yinto enhle.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngeke abonakale uMusona

2014-04-23 14:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...