Sizolilwela izwe lethu - Khumalo

2013-01-18 14:06

Johannesburg - IBafana Bafana kuzomele ikhombise isizwe ukuthi ingobani, kusho ukapteni uBongani Khumalo ngaphambi komdlalo wokuvula i-Africa Cup of Nations (Afcon) abazowudlala neCape Verde Islands eNational Stadium ngoMgqibelo.

“Silapha ukuzolwela izwe lethu, nakuba abantu benomqondo wokuthi abadlali beBafana bazicabangela bona bodwa,” kusho uKhumalo.

"Abadlali bakhombise ukugqugquzeleka nentshisekelo ngesikhathi benqaba ukuthatha amabhonasi nangendlela esihlele ngayo.”

Uthe iqembu leBafana belifuna ukukhombisa ukuthi liyazigqaja ngokudlalela izwe ngesikhathi livuma ukwamukela amabhonasi kuphela uma befinyelele kweyomkhumulajezi.

“Lokhu kukhombisa lukhulu mayelana nokuzethemba esinakho kanye nomyalezo eziwuthumelayo,” kusho uKhumalo.

Lo mdlali weTottenham Hotspur odlala emuva, okwamanje osabolekiswe eqenjini laseGreece iPAOK, uzohola iqembu lesizwe okokuqala emidlwalweni emikhulu.

Uthi uzizwe uhloniphekile ngalokhu, nokuzobeka kahle igama lakhe ngokomsebenzi awenzayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 11-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...