Siyilungele i-Afcon - Ikomidi

2013-01-18 16:08

Johannesburg - Noma belindele ukuthi indlela ibe nezikhisi, abekomidi elihlela imidlalo ye-Africa Cup of Nations bathi sebekulungele ukusingatha le midlalo eqala ngoMgqibelo.

"Ngesikhathi siqala lolu khalo, sazitshela ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi sijabulisa izwekazi sijabulise nenhlangano iConfederation of African Football (Caf)," kusho isikhulu ekomidini elihlela imidlalo uMvuzo Mbebe.

"Senze konke okulingene amandla ethu, sizilindele nokho izingqinamba kodwa simi ngomumo."

UHicham El Amrani, ongunobhala jikelele weCAF, uqinisekise ukuthengwa kwamathikithi ayingxenye yesigidi.

Angaphezu kuka-560 000 amathikithi athengisiwe, kungokokuqala ukuthi kuthengiswe isibalo esiphezulu kangaka, kusho u-El Amrani.

"Kuhamba kahle ukudayisa kwamathikithi. Akukaze naphambilini umdlalo we-Afcon ube nesibalo esiphezulu ngalolu hlobo, ekugcwalisweni kwenkundla."

Ngokusho kwakhe u-El Amrani iCAF yanelisekile ngomsebenzi we-LOC





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...