Siyilindele ngabomvu iPirates - Katsande

2012-12-06 08:30
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UWillard Katsande uthi iKaizer Chiefs ngeke ilishintshe igiya ehamba ngalo uma isihlangana nezimbangi zayo i-Orlando Pirates emdlalweni womkhaya baseSoweto ngoMgqibelo.

Lo mdlali waseZimbabwe uthi aMakhosi azokhipha izikhwepha ekuqinisekiseni ukuthi ayaqhubeka nokuhola amaqembu ohlwini lwePremiership uma esebhekene namaBhakabhaka, nadlale ngokulingana ngo 0-0 neChippa United ngoLwesine.

"Ngokwami, ngizimisele ngalo mdlalo. Ngiyazi ukuthi lo mdlalo obaluleke kanjani eNingizimu Afrika," kusho uKatsande etshela iKickOff.com.

"Sizodlala ngokuzimisela. Akukho okuzoshintsha ngenxa yokuthi yonke imidlalo iyafana.

"Njengeqembu, sizilungiselele futhi sithole isibindi kulandela ukuguqisa i-Ajax Cape Town ngo 3-0. Siyilindele iPirates," kusho uKatsande ngokuzethemba.

Njengoba iPirates izimisele ngokuvala igebe elikhona phakathi kwayo neChiefs, uKastande uthi 'bazimisele ngokufela enkundleni'.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-27°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 9-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...