Siyilindele iLeopards - Johnson

2013-03-12 10:04

Johannesburg - Umqeqeshi wePlatinum Stars uCavin Johnson uthi ukunqoba iNedbank Cup kuzoba yinto enhle kakhulu kule sizini njengoba leli qembu laseRustenburg selivele lenze okungaphezulu kwalokho obekulindelwe embangweni wesicoco seligi.

Kulokhu okubonakala njengokwenza kakhle kuneminyaka edlulile esigabeni esiphezulu sebhola lakuleli, iDikwena okwamanje isendaweni yesithathu kuPremiership ngamaphuzu angu-38 kanti isenalo ithuba lokuyithatha iligi.

UJohnson, onconywa kakhulu ngokuvuselela iqembu lakhe kule sizini, unethemba lokuthi iDikwena izokwazi ukuqhubeka nomgqigqo wayo weligi nasemidlalweni yeNedbank Cup okuyilapho khona bezobhekana neBlack Leopards ngoLwesithathu.   

“Inhloso yethu kulo mqhudelwano ukuhamba ibanga elide,” kusho uJohnson etshela iKickOff.com.

Umqeqeshi, nakuba kunjalo, ukubalulile ukuthi iqembu lakhe lizobhekana nomqansa uma selidlala neLeopards, engeke nje ijabulele kuphela ukudlala ekhaya kodwa iphinde ibe nesipiliyoni uma kuyiwa emidlalweni yezindebe.

“Kodwa sizimisele ukunyusa izinga nathi. Sinethemba lokuthi singanqoba noma ngabe sidlala naliphi iqembu kulo mqhudelwano."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...