Siyayazi ingcindezi esibhekene nayo - Modise
2012-09-26 14:01
Johannesburg - Ukaputeni
weMamelodi Sundowns, uTeko Modise, uthi umdlalo wabo womkhaya ozobe
useLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu ebusuku, kuzomele bawunqobe nakanjani, kubika iKickOff.com.
UModise
ngeke adlale kulo mdlalo ngemuva kokuthola ukulimala ngesikhathi bezilolonga
ngoLwesibili, kodwa uthi iqembu lakhe linabadlali abasezingeni abangakwazi
ukubamba iSuperSport United.
"Siyakwazi
okulindeleke kithina. Siyazama ukulungisa amaphutha ebelokhu siwenza… lo
umdlalo okumele siwunqobe nakanjani,” kusho uModise.
ISundowns
ibuyela enkundleni yase-Atteridgeville okokuqala selokhu yagcina ukudlala khona
ibhekene neMaritzburg United ngesikhathi ibaqumba phansi ngo 2-1, nokwacasula
kakhulu izihlwele zayo, kodwa uModise usenike abalandeli beSundowns isiqiniseko
sokuthi abadlali bazohlale bedlala ngokuzikhandla.
"Okokuqala
nje, akekho osijabulelayo lesi simo esikusona, ngisho nomuntu olungisa inkundla
esizilolonga kuyona naye akajabule ngaso. Kuyiqiniso ukuthi sinabo abadlali
abaphezulu abangalibeka endaweni engcono iqembu, kodwa leli yibhola ngakho
akekho umdlali odlalela ukuhlulwa,” kuqinisekisa uDonadoni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24