Siyafa ukuthukwa nguPalmer - Abadlali

2012-12-18 12:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Angase abone afika ngayo u-Ian Palmer kuBlack Leopards kulandela izinsolo zokuthi ulokhu eqhubekile nokuphatha ngesandla sensimbi abadlali kusukela athatha amatomu.

UPalmer, nowajoyina iLidoda Duvha ngasekupheleni kuka-Okthoba, usolwa nangokuchapha abadlali ngenhlamba uma bezilolonga.

"Uyasithuka ngaso sonke isikhathi. Kwesinye isikhathi wakhahlela i-cooler bag ekhuluma nathi kukhona uSihlalo uDavid Thidiela neTechnical Director uSunday Chidzambga," kusho umdlali weLeopards, ocele ukungazisho igama, etshela iKickOff.com.

"Kunabadlali afuna ukubaxosha ngakho solokhu afika asikhululekile ngoba asazi ukuthi kwenzekani," eqhuba.

Kusukela uPalmer afika, iqembu lisawine imidlalo emibili kuphela kweyisikhombisa.

OyiBrand Manager uChief Thidiela uthe bazophenya ngalezi zinsolo.

UPalmer akatholakalanga ukuba aziphendulele.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...