Siwalindele amanye amaqembu amakhulu - Maluti

2013-02-25 12:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umqeqeshi weMaluti FET College uMorena Ramoreboli uthi iqembu lakhe likulungele ukubhekana nanoma yiliphi iqembu lePSL ngemuva kokuthela ngehlazo i-Orlando Pirates koweNedbank Cup, kubika iKickOff.com.

IMaluti izibekele indawo emlandweni webhola kuleli ngesikhathi ishaya iqembu laseSoweto ngo 4-1 ngoMgqibelo, nokuyisibhaxu esingakaze sabonwa eqenjini elithathwa njengelikhulu kuleli.

URamoreboli uthe bakulungele ukugadulisana neMamelodi Sundowns noma iKaizer Chiefs, yize noma ingathanda ukudlala neSupersport United kulo mqhudelwano.

“Angisabi ukubhekana namaqembu ePSL, ngisho kungathiwa yiKaizer Chiefs noma iSundowns," kusho umqeqeshi.

“Kodwa bengingathanda futhi ukudlala neqembu elifana neSuperSport United. Ngiyasithanda isitayela sabo nokungase kuphonsele abadlali bami inselelo."

URamoreboli uxwayise ngokuthi ukunqoba ngo 4-1 kweqembu lakhe bekungewona umdlalo nje, kepha kungubufakazi beqembu ebelizimisele kulo mdlalo obuseCharles Mopeli Stadium.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...