Singayithatha i-Afcon - Tovey
2012-10-23 10:28
Johannesburg - Ukaputeni weqembu elanqoba i-Africa Cup of Nations ngo-1996, uNeil Tovey, uthi ukholwa wukuthi namanje iNingizimu Afrika ingayinqoba indebe yale minqhudelwano ka-2013.
Iqembu lesizwe iBafana Bafana lilele unombolo-19 ohlwini lwamazwe ase-Africa.
UTovey wahola iqembu elabhaxabula iCameroon ngo 3-0, eminyakeni engu-16 eyedlule, langagcina lapho laphinde labhaxabula neTunisia ngo 2-0, kowamanqamu.
"Ukunqoba kwethu iCameroon kwakhomba ngokusobala ukuthi asidlali, sasibhekene namazwe anzima ahlanganisa i-Angola neGibhithe," esho ekhuluma eseThekwini.
"Ukudlalela ekhaya kunomvuzo kwakona ngokwakho, wonke umuntu uzobe eleseka iqembu. INingizimu Afrika namanje isanganqoba imidlalo yalo ibe ngoshampeni futhi."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SA Sport